Okufinyeziwe
I-Imagine Durban yiphrojekthi eholwa
nguMkhandlu ekuhleleni ngokudidiyele kwesikhathi eside. Ilandelwa ngokubambisana
namadolobha ayoma njalo, inhlangano engesiyo ekaHulumeni yaseVancouver,
eKhanada, kanye nePLUS Network (inxanxathela yamadolobha angama-35 ashiyelana
ulwazi ekuhleleleni okuyoma njalo) abathole uxhaso kwiCanadian International
Development Agency ukweseka le phrojekthi.
Inhlosongqangi ye-Imagine Durban ukwakha
uhlelo olubhekela ingomuso olungafaka umfutho kwizakhamuzi, ezinhlanganweni
ezingekho ngaphansi kukahululmeni, kwabamabhiznisi kanye nakuhulumeni
ukuba kusetshenzwe ngokubambisana ukwenza iTheku libe yidolobha eliwedlula
wonke emhlabeni.
I-Imagine Durban manje isihlanganise
uhlaka lokuqala lwezinyathelo. Ngohlelo lokuxhumana, ekuqaleni kwephrojekthi
ye-Imagine Durban, kwakhonjwa izindikimba eziyisithupha. Leyo naleyo
ndikimba ifinyeziwe lapha ngenzansi. Ohlelweni olunemininingwane ethe
xaxa nalo oluzotholakala maduze nje ukuze kuphawulwe ngalo, zichaziwe
izinyathelo zokufeza lawa maqhinga.
Lezi zinyathelo zihlelwe zalandelana
ngokwezinyathelo ezithathelwe kulezi zigejana ezilandelalyo eziphambili
ezibambe iqhaza:
1. Abantu ngamunye
2. Umphakathi jikelele (Izinhlangano ezingekho
ngaphansi kukahulumeni, Izinhlangano zomphakathi, ezesekelwe enkolweni,
izikhungo zemfundo ephakeme, njll.)
3. Abamabhizinisi
4. Uhulumeni wendawo
5. UHulumeni weSifundazwe kanjalo noHulumeni
oMkhulu
Kuleli qoqo leyo naleyo ndikimba, izinjongo
namaqhinga okufeza lezi zinjongo sikukhe phezulu. Uyakhuthazwa kakhulu
ukuba ufunde uhlelo oluphelele lwe-Imagine Durban ukuze uthole ukuthi
WENA ungawenza kanjani umehluko ngokuwalandela ngempela la maqhinga.
Indikimba 1: Ukudala idolobha ELIPHEPHILE
Injongo:
“Bonke abahlala, basebenze badlale
eThekwini bazizwa bephephile futhi ngempela kunjalo bengabodwana noma
emphakathini ezindaweni zokungcebeleka zomphakathi.”
La maqhinga alandelayo akhonjelwe ukufeza
injongo
Iqhinga A: Amaforamu okuhlangana komphakathi
welekelelane
Iqhinga B: Ukuhlelela ukuphepha nokugqugquzela
ubunikazi bezindawo zokungcebeleka zomphakathi
Iqhinga C: Ukudidiyela ngokwenqubo nokuthuthukisa
ukufundiswa nolwazi emkhakheni wokuphepha
Iqhinga D: Ukukuqonda ngqo ukuvinjelwa
kobelelesi emphakathini
Iqhinga E: Ukutholakala kolwazi nokufundiswa
ngokuphepha
Iqhinga F: Ukudala uhlelo lobulungiswa
olushaya emhloleni ekubhekaneni nobelelesi
Indikimba 2: Ukugqugquzela idolobha
ELIVULE IZANDLA
Injongo:
“Zonke izakhamuzi zeTheku zingazisebenzisa
kalula zingambi eqolo izimfanelo nemisebenzi okudingeka ziyenzelwe ukwenzela
izinga lempilo eliyoma njalo.”
La maqhinga alandelayo akhonjelwe ukufeza
injongo
Iqhinga A: Ukwakha izizinda nezintunja
ezinezidingo nezimfanelo ndawonye
Iqhinga B: Ukugqugquzela nokukhuthaza
ukusetshenziswa kwezinto zokuthutha umphakathi
Iqhinga C: Ukweseka ukuthuthukiswa kwezokuthutha
ezingadumi
Iqhinga D: Ukuqinisekisa ukwakhiwa eduze
kwezimfanelo zomphakathi nezokuthengisa ngokunobulungiswa
Iqhinga E: Ukuqinisekisa ukufinyelela
kalula kuwo wonke umuntu ezimfanelweni nakwezokuthutha umphakathi
Iqhinga F: Ukuqinisekisa ukufinyelela
ngokunobulungiswa ekwakhelweni izindlu nezidingo zekhaya
Iqhinga G: Ukugqugquzela ukutholakala
kolwazi nokwakha imigudu yokuxhumana.
Indikimba 3: Ukudala idolobha elithuthukayo
lapho wonke umuntu ethokozela IMPILO EYOMA NJALO
Injongo:
“Zonke izakhamuzi eThekwini elithuthukayo
ziphila impilo ehloniphekile futhi zeseka izinga lempilo eliyoma njalo.
La maqhinga alandelayo akhonjelwe ukufeza
injongo
Iqhinga A: Ukwenza ngcono amathuba okuzikhethela
izinga lempilo nokungalindelwa yizakhamuzi, ikakhulukazi ezihlwempu
Iqhinga B: Ukwandisa izinga nesibalo
samakhono atholakala eThekwini ukuhlangabezana nezidingo zasendaweni
Iqhinga C: Ukwenza ngcono amathuba amabhizinisi
asacathula nasethe thuthu
Iqhinga D: Ukweseka ukusungula endaweni
nokuthuthukiswa kolwazi
Iqhinga E: Ukubambelela ebhizinisini
ukusabalala nokuqubuka kwamabhizinisi amasha
Iqhinga F: Ukukhiqizwa kokudla
Indikimba 4: Ukugubha UKWEHLUKANA NGOKWAMASIKO,
UBUCIKO NAMAGUGU
Injongo:
“ITheku yidolobha elidalayo eligubha
amagugu amasiko alo.”
La maqhinga alandelayo akhonjelwe ukufeza
injongo
Iqhinga A: Ukweseka amagagu nezingcweti
zethu zendawo nokubamba iqhaza emasikweni ethu endaweni
Iqhinga B: Ukugqugquzela izindawo zokungcebeleka
nemicimbi edala amathuba amagagu nezingcweti zendawo, amasiko namagugu
endaweni
Iqhinga C: Ukwakha nokugcina ubudlelwano
phakathi kwababambe iqhaza kwezobuciko, amasiko namagugu
Iqhinga D: Ukulondoloza, ukuveza nokugubha
amagugu ethu endawo
Indikimba 5: Ukuqinisekisa idolobha ELIYOMA
NJALO NGOKWEMVELO
Injongo:
“Imvelo yaseThekwini ivikela futhi
igqugquzele impilo yezakhamuzi zalo nezinhlobonhlobo zezihlahla nezilwane”
La maqhinga alandelayo akhonjelwe ukufeza
injongo
Iqhinga A: Ukukhuthaza nokudikibalisa
ukuqinisekisa injwayelo eyoma njalo
Iqhinga B: Ulwazi nemfundo
Iqhinga C: Izinhlelo ezididiyele
zokulawula okulahlwayo
Iqhinga D: Ukuvimbela ukunukubezeka
Iqhinga E: Ukongiwa kwamanzi
Iqhinga F: Ukusebenza kwamandla
ngendlela eyongayo
Iqhinga G: Eminye imithombo yamandla
Iqhinga H: Ukulungela ukuguquguquka
kwesimo sezulu
Iqhinga I: Ukuphathwa kwemvelo
nendawo ekuyo ngendlela eqhubezela phambili impilo
Indikimba 6: Ukugqugquzela idolobha
ELINAKEKELAYO NELILUNGISELELA ABANTU INGOMUSO
Injongo:
ITheku linezakhamuzi ezingojikelele isibili
futhi ezinakekelayo ezikusukumelayo ukweseka inhlalakahle yeTheku kanjalo
zikhuthaze ukuhloniphana, ukubekezelelana nozwelo kwabeswele
La maqhinga alandelayo akhonjelwe ukufeza
injongo
Iqhinga A: Izakhamuzi ezinonembeza nohulumeni
olalelayo aphendule
Iqhinga B: Ukugxilisa ukuhloniphana,
umoya wobuntu, nokuqhakambisa ukusiza abeswele
Iqhinga C: Ukuzilungiselela ingomuso
nokuzithuthukisa komuntu ngokwakhe
Iqhinga D: Ukuqeqesha intsha ukuze ibe
yizakhamuzi eziyisibonelo
Mayelana nolunye ulwazi nge-Imagine Durban,
noma ukuthola ikhophi yalo lonke uhlelo, uyacelwa ukuba ungene kwiwebsite
yethu ethi www.imaginedurban.org. Kungaphawulwa kuthunyelwe
ku imagine@durban.gov.za kumbe kuxoxwe noThomas Ferreira otholakala
kule nombolo yocingo 031-311 3424.
|